Search our News

Home | About Us | Advertise | Contact Us

 Publications
Chatsworth Tabloid
Weekly Gazette
Phoenix Tabloid
Umlazi Times
eThekwini Times
Southern Star
Northern Star
Newcastle Express
Ladysmith Herald
Highway News

 Classifieds
Search Classifieds
View Classifieds
Submit Classifieds

 Regulars

 Newsletter
Sign up for our
Newsletter



 General
About Tabloid
Jobs @ Tabloid
Advertising
FAQ's
Feedback
Terms & Conditions
Contact Us


 
 eThekwini Times Sunday 05 September 2010

Ushaya ugqimphothwe ngokusungulwa kwenhlangano yepolitiki


USIHLALO ophethe imboni yamatekisi uMnuz Eugen Radebe akasayingeni eyokusungula iqembu lezombusazwe.

Usihlalo wenhlangano yamatekisi i-KwaZulu-Natal Taxi Allience uMnuz. Eugene Radebe obekulindeleke ukuthi abe yingxenye yokusungulwa kweqembu lezombusazwe kulezi zinyanga ngaphambi kokufika kwenyanga kaDecember usevele washintsha umqondo maqedane wathi cha akasayisengeni leyo ndaba. Engxoxweni ebiyikhethelo elibe nayo iphephandaba uMlazi Times ,uRadebe ukhombise ukubasola kakhulu abagqugquzeli okungabanikazi bamatekisi wathi banesikhathi sokudlala uma becabanga ukusungula iqembu, wathi akusiyo into elula ikakhulukazi kulesi sikhathi esifishane kangaka njengoba ukhetho selusemnyango nje.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga ephelile uRadebe uvele wajoyine inhlangano ye-ANC neyambiza ngofishi omkhulu okade wawufunwa yilenhlangano. “Mina ngiyayazi ipolitiki, ngiyaqonda futhi ukuthi angeke udlale ngegeja kuziliwe. Ukusungula inhlangano yezepolitiki akusiyo insangu, angisayingeni nje leyondana yingoba angifuni ukumosha isikhathi sami.

Kumanje sengibuyele ekhaya ngajoyina inhlangano engabe ngiyiyo phambilini uKhongolose,” kusho yena, ezwakala olimini ukuthi akasayishayimkhuba le nhlangano phamabilini aye magange nozakwabo bethi bafuna ukusungula iqembu labo bengosomatekisi..

Sekuqubuke impikiswano phakathi kwabanikazi bamatekisi ngalolu daba.Unobhala wayo le enhlangano iKwaZulu-Natal Taxi Alliance uMnuz. Bafana Mhlongo uthe, bona abahlehli kodwa bayaqhubeka nokusungula inhlangano abathi izolungenela ukhetho ngonyaka ozayo.”

Akekho umuntu ongavimba into edingwa yiningi. Sihamba nabahambayo ongathandi uzosala kuthi onentshisekelo sihamba naye. Abantu abaningi bathi asiqhubeke nokusungula inhlangano. Njengamanje nje sisaqhubeka nokubonisana kanye nokuthola inhlolovo kwabanye. Sizokhipha isitatimende uma sesiziphothuliwe zonke izinkulumo esisazingqumuza okwamanje, kodwa khona siya phambili nokusungula,” kuchaza uNjomane.

Ugcizelele ukuthi emuva kokuthi sebeziqedile lezi zinkulumo abalokhu behlangana ngazo, bayobe sebekhipha isimemezelo sokuthi izokwethulwa nini inhlangano yabo.

“Akaqhubeke uMhlongo thina sizomeseka, ingani kunabantu khona lapha ematekisini abayaziyo ipolitiki futhi abanezikhundla eziphezulu kumaqembu athize. Bonke labo uma kusungulwa le nhlangano sizozizuzela bona,” kusho umshayeli wetekisi ongathandanga kudalulwe igama lakhe.

UThulani Nene (akusilona igama lakhe langampela leli) uthe, “Sebefuna ukusisusela omkhulu umsindo, kanti abadeli yini uma umsindo ungaka lapha ematekisini na? Phela uma ukhuluma ngeqembu lezombusazwe nebhizinisi izinto ezingafani lezo. Asilifuni lelo qembu aliyilungele indawo esisebenza kuyo okuyimbonini yezokuthutha,” kusho umlisa ongu-rank manager.

 Paper Features
Paper Home
Editors Note
The Paper

 Premium Adverts


Home | About Tabloid | Jobs @ Tabloid | Advertising | Terms & Conditions
Copyright © Tabloid Newspapers | Contact Us