|
|
|
Kuqokwe amalungu (3) ezikhundleni eziphezulu eMnyangweni UNGQONGQOSHE wezeMidlalo esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz. Amicha nd Rajbansi ukhethe izikhulu ezintathu ezikhundleni eziqavile kulo Mnyango wezeMidlalo muva nje.
Laba abehlelwe inhlanhla yokuqokelwa kulezi zikhundla balindeleke ukuba baqale kuyo le nyanga ezikhundleni zabo ezintsha.
Khonamanjalo bazohleka bodwa kuze kuqhilika izihlathi, oMnuz. JS Biyela okhethelwe esokuba u-Manager for District Co-Ordination, kube uMnuz. Vijay Balram ozoba u-Manager of Strategic Support Service kube uHB Ngwane njengeManger of Facilities. Kubikwa ukuthi la madoda amathathu ahlonzwe njengabantu abawulungele umsebenzi ikakhulukazi ngoba leli libhekene nobunzima wokudlalisa amaqembu omhlaba endebeni yebhola lezinyawo elizokuba kuleli ngonyaka-ka-2010. Kuthiwa baqokwe emuva kokuthi bedlule ku-interview ebishisa phansi enebifaka phakathi wonke umuntu nalabo ebebevela ngaphandle koMnyango wezeMidlalo. UNgqo. wezeMidlalo uMnuz. Amichand Rajbansi uthe, uyaziqhenya ngalaba abakhethiwe ubegcizelela ukuthi wenelisekile ngabo.
“Ngiyethemba ukuthi laba abathathu bazosebenza ngokuzikhandla ukwenza inqubekela phambili kulo Mnyango. Bobathathu basha kulezi zikhundla abaqokelwe kuzo. UMnuz. Biyela phambilini ubeyisekela likamqondisi kwaSSASA e-KZN. UMnuz. Balram phambilini ubeyisekela likamqondisi kwi-Executive Support ehhovisini lakhe, kanti futhi engu-Head of Sport e-University yaseKZN.
Ujoyine uMnyango wezeMidlalo eminyakeni emithathu edlule njengoba eseqokelwa kulesi sikhundla.UMnuz. Ngwane yena ubevele ekuwo lo Mnyango lapho ebephathiswe khona imisebenzi eminingi.
|
|