|
|
|
Ugxeke iphephandaba enkonzweni yesikhumbuzo USHIYE angalazi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi siFundazwe UDkt. Meshack Radebe ngesikhathi ethula inkulumo yakhe enkonzweni yesikhumbuzo sabantu abahlanu abashone emuva kwesiphepho esinamandla ebesihlasele indawo yakwaMakhutha ngeviki eledlule.
UBhungane obewotha ubomvu, ukhwele wadilika kwelinye lamaphephandaba eSiZulu (igama ligodliwe).“Ngikhathele ngempela yileli phapha, liyangicika, angagazi ukuthi lingifunani bakithi, mina angisiwo umkhiqizo wamaphephepha ngakhethwa kulo msebenzi ngoba kubonakala umsebenzi wami.
Kuthiwa lihluba udlubu ekhasini, kodwa ngikhuluma nje ababuzi kimi uma befuna udaba, mina ngiyafoneleka futhi nazi izikhulu zoMnyango oMandla Ngema, oMqadi nabanye abaningi akubuzwa ngani kubo uma kufuneka okuthile ngoMnyango wethu. Asikwazi ukuthi leli phephandaba likuthole kuphi lokhu kokuthi lo Mnyango unezikweletu babuye bethi osonhlalakahle abathokozile neze bayacindezelwa yilo Mnyango.
Lihamba lihubhuza amanga bese lithi lizwe ngemithombo yangaphakathi ukuthi lo Mnyango uyanuka izikweletu,” usho kanje kubonakala nje ukuthi usebhodla umlilo.
“Ngikhuluma nje selihambe layothwebula isithombe somuzi kababa, lawunekela izwe njengoba mina ngizingelwa kanjena nje lona lithatha isithombe somuzi kababa liyokhombisa izwe ukuthi umi kanje, bewenza inhlekisa beshutha indawo edilikile odongeni lwendlu yasekhaya.
Uma nje eke wahlaselwa ubaba njengoba ehlukunyezwa kanje esezigugele, ngithi bazolutheza olunenkume.
Sengiwabikele amaphoyisa ngokungaphephi komuzi wasekhaya.
Ngiyabacela abanikazi baleli phepha ukuba bahlukane nokuhlambalaza igama lami ngiyaqonda ukuthi mhlampe kukhona okushaya amanzi laba bathunywa iqembu ukuthi bangcofe lo Mnyango kanye nami,” ubeke kanje esejuluke esemanzi te, waze wakhumula ibhantshi abekade eligqokile.
Uphinde waveza ukuthi uMnyango wakhe ungase usebenzise imali eyeqile kwisabelo mali ngenxa yokuthi zibe ziningi izinto ezibe yizinhlekelele lapha kwaZulu-Natal nokwenze ukuthi basebenzise mawala imali abayinikiwe.
uBhungane ubuye wathembisa imindeni eshonelwe ukuthi lo Mnyango uzobafihlela izihlobo zabo ezibhubhe ngenxa yesipheph.
Kushone abantu abahlanu sebebonke ngokuwelwa izindonga zemizi emzini wakwaSithole, abathathu umama nezingane ezimbili, kwaMakhaye kushone oyedwa nakwaGcwabaza kushone ingane eyodwa.
Khonamanjalo le mindeni ikhalelwe nanguNdunankulu wesiFundazwe uDkt. Sibusiso Ndebele nobuye washeshe wayishiya le nkonzo ngenxa yokuphuthuma kwenye indawo. Kubikwe ukuthi izingxenye eziningi zalapha KwaZulu-Natal zisibekelwe ifu elimnyama njengoba kubheduke isiphepho sadlula nemiphefumulo eminingi.
|
|