Search our News

Home | About Us | Advertise | Contact Us

 Publications
Chatsworth Tabloid
Weekly Gazette
Phoenix Tabloid
Umlazi Times
eThekwini Times
Southern Star
Northern Star
Newcastle Express
Ladysmith Herald
Highway News

 Classifieds
Search Classifieds
View Classifieds
Submit Classifieds

 Regulars

 Newsletter
Sign up for our
Newsletter



 General
About Tabloid
Jobs @ Tabloid
Advertising
FAQ's
Feedback
Terms & Conditions
Contact Us


 
 eThekwini Times Tuesday 07 September 2010

Kukhulekelwe ubugebengu nokukuthula KwaMashu 


Ukukhuphuka ngamandla kwezibalo  zezehlakalo zobugebengu elokishini laKwaMashu kuholele ekutheni amalungu omphakathi kanye neKhansela lendawo babize ukhukhulelangoqo womkhuleko obekuhloswe ngawo ukucela uMdali ukuthi aqede ubugebengu.

Lo mkhuleko ububanjelwe enkundleni yezemidlalo i-Rotary esigcemeni sakwa-A ngeledlule. Phakathi kwabebe hambele lomkhuleko,  abaholi bezinhlaka ezahlukene, amalungu omphakathi kanye nabamaBandla ezeNkolo ehlukene.
Kulomkhuleko, amaBandla ezeNkolo abesina ngokudedelana, abanye basina umgidi weNkolo yoMdabu abanye bedumisa ngendlela yaseNtshonalanga. Abanye bebethandaza baze babuke esibhakabhakeni sengathi sebelibona ngamehlo iZulu.
Amalungu omphakathi abehambele lomcimbi asho ngazwi linye ukuthi ubugebengu busezingeni eliphezulu kuleli lokishi. Muva-nje izigilamkhuba  zigasela endlini bese zibulala labo abangaphakathi maqede zithathe yonke  impahla. Elinye ilunga lomphakathi lithe nalo selike lahlaselwa lathathelwa nempahla yasendlini. Lona wesilisa igama lakhe eligodliwe, utshele leliphephandaba ukuthi lezigelekeqe zihamba ziyiqulu futhi zigxila ikakhulukazi kubantu abaziwayo ukuthi bane mali emphakathini.
Okhulumela amaphoyisa aKwaMashu uConstable Bonisiwe Nxumalo uvumile ukuthi zike zaba khona izigameko zobugebengu Kwamashu kodwa uthe sekwehlile. 
"Selokhu kusungulwe uhlelo olulwa nobugebengu olwaziwa nge-Bophazonke, izigameko zobugebengu sezithanda ukwehla. Siyethemba-ke nomkhuleko obukhona uzokuba nelikhulu iqhaza ekushintsheni isimo saKwaMashu," echaza. Uthe ngaphambilini amaphoyisa akwazile ukubopha abanye abasolwa nosekuholele ekwehleni kwezinga lobugebengu.

Uphinde wanxusa umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa ukuze kunqandwe ubugebengu. 
Ngenyanga edlule kudutshulwe kwabulawa amadodakazi amabili omndeni wakwaMaphumulo.
Ngokwemibiko yamaphoyisa laba ababili badutshulwa esigamekwenin okusolakala ukuthi esokubamba inkunzi. Kuboshwe abasolwa abane abathintekayo kulesi gameko, baphinda bavela eNkantolo kaMantshi eVerulam. 

 Paper Features
Paper Home
Editors Note
The Paper

 Premium Adverts


Home | About Tabloid | Jobs @ Tabloid | Advertising | Terms & Conditions
Copyright © Tabloid Newspapers | Contact Us