|
|
|
Babhaxabulwe kabuhlungu abafana besithende AMATHE abuyele kwasifuba eqenjini le-Lamontville Goldern Arrows (Abafana besithende) ngesikhathi bebhuquziswa kabuhlungu othulini iqembu le-SuperSport ngamagoli amabili eqandeni koweligi obusezinkundleni zemidlalo eKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoMgqibelo ntambama.
Kuzokhumbuleka ukuthi abafana besithende bafa olwembiza nje kulandela okunye ukubhaxabulwa kabuhlungu okusanda kwenzeka abakuthole eqenjini leKaizer Chiefs nalo ebeliziphendulela kulandela ukushaywa kwalo emdlalweni owawugcinile emavikini ambalwa edlule.
Abafana besithende bahlangabezana nembibizane yempindamshaye bephezulu kwiligi yePSL.
Amagoli eSuperSport ashaywe phakathi enethini u-Ellias Pele-mbe ngomzuzu ka-13, kwathi elinye lavalelwa u-Antony Laffor ngomzuzu ka-89. Lo mdlalo obushisa phansi ujabulise ababukeli kanti ekugcineni igobe uphondo i-Lamontville Goldern Arrows nokujabhise kakhulu abalandeli baleli qembu ebesekuyinhlalayenza ukuthi lizibhaxabulele amaqembu ikakhulukazi lawa okuthiwa alufakwa kuwo lubuya nodaka.
Uswele ngisho amagama okulibongela iqembu lakhe uMqeqeshi weSuperSport uGavin Hunt elibambe ufishi omkhulu “Ngibasethe abafana bami ngendlela yokuthi kube lukhuni ukuthola intuba kula bafana besithende asebezenzela nje emaqenjni amakhulu,” kusho uHunt kafushane. Kusenjalo akatholakalanga ukuphawula uMqeqeshi wabafana besithende.
|
|