Search our News

Home | About Us | Advertise | Contact Us

 Publications
Chatsworth Tabloid
Weekly Gazette
Phoenix Tabloid
Umlazi Times
eThekwini Times
Southern Star
Northern Star
Newcastle Express
Ladysmith Herald
Highway News

 Classifieds
Search Classifieds
View Classifieds
Submit Classifieds

 Regulars

 Newsletter
Sign up for our
Newsletter



 General
About Tabloid
Jobs @ Tabloid
Advertising
FAQ's
Feedback
Terms & Conditions
Contact Us


 
 Umlazi Times Saturday 04 September 2010

Azoqhathwa amaqembu adlala ngaphansi koMlazi Football Asociation


SELUFIKILE olungaliyo lapho intaka izobe ibekelwe amazolo ngesikhathi kuqhathwa amaqembu adlala ngaphansi koMlazi Football Asociation. Nawe Mlazi awumncinyane ngoba phela la maqembu azobe eqhuthana amakhizane ezinkundleni zaseMlazi kunguwafawafa.

Lokhu kuqhathwa (draw) kuzokwenziwa ngezilokotho ezinhle zesikhondlakhondla senhlangano yomakhal’ekhukhwini i-Cell C ehholo lakwaD i-Victoria Mnxenge kusasa ngoLwesihlanu.

Kuzokhumbuleka ukuthi amaqembu angaphezu kwamashumi amathathu azobe ebhekene ngeziqu ezinkundleni ezahlukene eMlazi ikakhulukazi i-King Zwelithini Stadium emuva kwalokhu kuqhathwa. La maqembu azoqala ukudlala ngomhlaka-16 kuyo le nyanga ephezulu.

Okhulumele abakwaCell C, ophikweni olwaziwa ngokuthi i-Papad Marketing uNksz. Nomusa Mlenga uthe amaqembu azoqhathwa (draw) kuleya ndawo yaseMlazi ngenhloso yokuthi intsha ichithe isikhathi esiningi yenza ezemidlalo kugwemeke izenzo zobugebengu. “Inhloso ngqangi yabakwaCell C ukukhuthaza intsha ukuba izinikele kwezemidlalo, sizoqhubeka nokuthi sibasize,” kusho uNomusa. Uqhube wathi kucelakala izikhulu zamaqembu ukubaziphelele nabo bonke abathintekayo ngoLwesihlanu ngehora lesihlanu (5) ntamabama ukuzozibonela umsebenzi wokweqhathwa wenziwa.

Isasa lale midlalo likhulu impela abamaqembu ahlukahlukene esikhulume nabo bathe ngabe kungcono ukuthi umhlaka-16 usufikile njengoba bona sebemi ngomumo. Phambilini umengameli wenhlangano yebhola lezinyawo i-South African Football Asociation KwaZulu-Natal uMnuz. Alpha Mchunu ubongele inhlangano yoMlazi Football ngenhlanhla yokuthi abakwaCell C babakhethe njengabantu okumele bathuthukise ibhola eMlazi.

 Paper Features
Paper Home
Editors Note
The Paper

 Premium Adverts


Home | About Tabloid | Jobs @ Tabloid | Advertising | Terms & Conditions
Copyright © Tabloid Newspapers | Contact Us