Search our News

Home | About Us | Advertise | Contact Us

 Publications
Chatsworth Tabloid
Weekly Gazette
Phoenix Tabloid
Umlazi Times
eThekwini Times
Southern Star
Northern Star
Newcastle Express
Ladysmith Herald
Highway News

 Classifieds
Search Classifieds
View Classifieds
Submit Classifieds

 Regulars

 Newsletter
Sign up for our
Newsletter



 General
About Tabloid
Jobs @ Tabloid
Advertising
FAQ's
Feedback
Terms & Conditions
Contact Us


 
 Umlazi Times Sunday 05 September 2010

Kutholwe izidumbu (2) emathuneni


AMAPHOYISA aseMlazi athole ngezidumbu ezimbili zabesilisa okukholakala ukuthi zineminyaka engama-20 zigobondiswe ngobuso zabheka phansi izandla ziboshelwe ngemuva emathuneni ase-17 kwaT ngeledlule.

Isakhamizi esingadalulwanga ngegama sibikele amaphoyisa ngalo mhlola sathi, sizwe kuqhuma isibhamu amahlandla amaningi emini kwa bha ngoLwesine nokuthe kamuva sayobheka lapho kuqhuma khona isibhamu safike sazithela kule nsambatheka, savele sangapholisa maseko sabikela abomthetho.

Kanti namanye amalungu omphakathi azibonele lo mhlola athuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ebuka izidumbu zamadoda angaziwa zidindilize eduze kwamathuna.
Okhulumele amaphoyisa aseMlazi uSupt Danelia Veldhuizen uthe amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi kukhona izidumbu esezitholakale eduze namangcwaba
ase-17. “Amaphoyisa azithole izidumbu kuleya ndawo, lezi zidumbu beziboshwe ngokusantambo kagesi ezandleni, zibheke phansi ngobuso.

Bezinamanxeba okudutshulwa afanayo emakhanda nasezintanyeni. Laba ngabesilisa abangakaziwa kuze kube manje, kodwa amaphoyisa asaphenya. Sicela noma ngubani ongaletha ubufakazi noma ongase azohlonza lezi zidumbu.

Oza nosizo angaxhumana noSupt Max Khumalo kule nombolo: 031-908 0034 noma azifikele yena mathupha,” kuphetha uSupt Veldhuizen wasesiteshini samaphoyisa eMlazi kwaV.

 Paper Features
Paper Home
Editors Note
The Paper

 Premium Adverts


Home | About Tabloid | Jobs @ Tabloid | Advertising | Terms & Conditions
Copyright © Tabloid Newspapers | Contact Us