Search our News

Home | About Us | Advertise | Contact Us

 Publications
Chatsworth Tabloid
Weekly Gazette
Phoenix Tabloid
Umlazi Times
eThekwini Times
Southern Star
Northern Star
Newcastle Express
Ladysmith Herald
Highway News

 Classifieds
Search Classifieds
View Classifieds
Submit Classifieds

 Regulars

 Newsletter
Sign up for our
Newsletter



 General
About Tabloid
Jobs @ Tabloid
Advertising
FAQ's
Feedback
Terms & Conditions
Contact Us


 
 Umlazi Times Sunday 05 September 2010

Sekubulawe abantu abane kwaE eMlazi


KUKHONA okudla amantshontsho emsamu, amaphoyisa aseMlazi kwaV anxusa wonke amalungu omphakathi waseMlazi ukuthi alethe ubufakazi obungaholela ekutheni kuboshwe ababulali abazithathele umthetho ezandleni zabo ezehlakalweni ezimbili ezahlukene lapho kwesinye kubulawe ngokushiswa abesifazane ababili ngeSonto ntambama kwathi ababili besilisa bona badutshulwa babulawa eMlazi kwaE ngoMsombuluko kusihlwa.

Okhulumela amaphoyisa aseMlazi USupt. Danelia Veldhuizen uthi amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi awaphuthume kuleya ndawo ngeSonto afike azikhweza phezu kwezidumbu ezimbili zabesifazane ebesezishisiwe, nokusolakala ukuthi kwenziwe iqulu labantu ebelithukuthele lithelwa ngamanzi.

Kusenjalo nangoMsombuluko azithele phezu kwezidumbu zamadoda ebezinamanxeba okudutshulwa, “Laba ababulewe bobane bayizakhamizi zakhona lapha kwaE. Njengamanje kusaboshwe umsolwa oyedwa wesilisa ngesigameko salabo ababulewe ngokudutshulwa. Amaphoyisa asaqhubeka nokuphenya,” kuphetha uSupt. Veldhuizen.Uqhube wathi kwabesifazane ababulewe uDanisile Ngcobo (39) noThandi Hlophe (49) uthi abesilisa balinganiselwa eminyakeni engu-20-kuya phezulu bona bango Madiba Bhekamali Madiba noSiboniso Nkosi, bonke ngabakwaE.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuleya ndawo yakwaE kusanda kubulawa uMfundisi obeyilungu lokuqina le-ANC kuleya ndawo nokusathukuthelise umphakathi wakuleya ndawo.
Kanti uMphakathi wakwaE unezinkinga eziningi. Akukapholi maseko nje lo Mphakathi ubikele amaphoyisa kanye namalungu esiShayamthetho sakwaZulu-Natal ngalezi zinkinga eziwukhungathile embizweni eyabe isehholo lwakwaV ngenyanga ephelile.

 Paper Features
Paper Home
Editors Note
The Paper

 Premium Adverts


Home | About Tabloid | Jobs @ Tabloid | Advertising | Terms & Conditions
Copyright © Tabloid Newspapers | Contact Us