|
|
|
Amabhange kumele avikele intando yeningi! “AKUSIKHO nje ukuthi asuke elahla amabhange uma esiza abantu bakithi ngemali mboleko njengoba kwenza ibhange lase-Standard, kodwa ukwenza lesi senzo kusiza kakhulu ukuthi intando yeningi isimame ezweni, umnotho udlondlobale, kudaleke amathuba emisebenzi, kungabibikho izimpi, bese kuthi intando yeningi iqhubekele phambili.”
Lawa ngamazwi ashiwo uNgqongqoshe wezeziMali kulesi siFundazwe uDkt. Zweli Mkhize ngesikhathi ethula ngokuhlanganyela imali efakwe uMnyango wakhe kanye naleyo efakwe yibhange lase-Standard Bank kosomabhizinisi abancane abakhele uMlazi eMegaCity ngoMsombuluko.
UKhabazela utshele osomabhizinisi ukuthi imali bayisebenzise ngobuchule futhi bayiphathe njengezikhali zamaNtungwa, ngoba kufanele ibuyele emuva kubanikazi bayo uma isibasizile, “Nina ningamavulandlela uma kukhulunywa ngokuqala amabhizinisi, khumbulani isaga sabadala esithi okomuntu nwayi-nwayi okwakho nqodo. Uma usuyisebenzisile imali kudingeka ibuyele emuva ukuze isize abanye. Ningalingisi labo okuthi uma sebebona ukuthi imali isigcwele amakhikhi bashone esipotini bafike bayiphuze yonke,” kusho yena.
UKhabazela obebukeka ephuphuma injabulo wethule isheke lemali engu R1m ezandleni zenhlangano esiza abantu ukubabolekela imali emabhange eyaziwa ngokuthi UMlazi Economic Development enzinze khona eMlazi. Lowo oyi-CEO yaseStandard Bank nayo efake imali engu-R1.7m, uMnuz Simphiwe Shabalala, uchaze umlando webhange lakhe wathi lasungulwa eNgilandi ngonyaka ka-18863, uthe laqala ukusebenza ePort Elizaberth lapha eNingizimu, kanti namuhla linamagatsha angu-750 eMzansi kanye nabantu elibaqashile abangu-25000. “Ibhange lakithi aligcinile lapha, kodwa lisazoqhubeka nokusiza abantu, hhayi nje eMlazi kuphela kodwa isiFundazwe sonke. Imali ikhona kuphela kufuneka abantu abazinikele ukuze ibhange lihlangabezane nomuntu okufanele ukunikezwa imali,” usho kanje.
Khonamanjalo usihlalo wenhlangano i-UMlazi Economic Development esiza abantu ukuthi bathole imali emabhange uMnuz. Sipho Mavundla uthe “Lolu hlelo lusiza abantu abangabodwana nalabo abahlangene Co-operatives bakwazi ukuthi bababhalele amabizinisi plans abo baphinde babafundise ngokuphathwa kwamabhizinisi.
Siyabonga kuMnyango kanye neBhange ukuba batshale le mali kanye kanye. Sethemba ukuthi sizoyisebenzisa ngendlela, nizomangala uma ngithi ngonyaka ozayo ngalesi sikhathi iyobe iphindaphindekile ngokungakholakali,” uphethe kanje.
|
|